Ukuqhuba

IToyota Gazoo Racing izoshunqisa uthuli kuFree State 400 

Ikhombise ukuba ngumakhonya iToyota Gazoo Racing South Africa igila izimanga emjahweni i-INGCO Parys 400 ne-INGCO Vaal 400, esigabeni sesine nesesihlanu salomjaho ongaphansi kwe-2024 South African Rally-Raid Championship (SARRC).

Kube ukusebenza kanzima okwenze iTGRSA yaphumelela ezinsukwini ezimbili zalo mjaho yize izimbangi bezingayinike thuba. Zithe zisuka nje ebhandeni ngoLwesihlanu kwi-INGCO Parys 400, abashayeli bathwala kanzima ngenxa yamakhaza abeshubisa umnkantsha. Kudingeke basebenzise ubuchule namava emzileni owumqansa ongagitshelwa mbongolo odle nangamajika asondelene eduze nothuli lungazibekile phansi.

Abashayeli uGuy Botteli noDennis Murphy baye kulo mjaho bengabhekiwe kakhulu njengoba kuthe emjahweni owandulelayo iCastrol Qualifying Race bashayisa inguzunga yetshe maphakathi nawo okwenze bangalibona elidlalayo. Kulokhu bagile izimanga benqoba okokuqala kule sizini. Baqale besendaweni ka-19 okwenze uthuli lwezimoto ezingaphambili kwabo labacindezela.  Yize kunjalo bazamile ukushoshela bebheke ukuba phambili okugcine ngokuthi banqobe ngesikhathi esingu-05:04:08.

UHenk Lategan no Brett Cummings nabo benze kahle kakhulu beqeda endaweni yesibili besalele ngemizuzwana engu-118 kozakwabo. UGiniel de Villiers no-Elvéne Vonk baqede ngemuva ngemizuzwana engu 21 ngemuva kuka-Lateganno Cummings bathatha indawo yesithathu. Endaweni yesihlanu kungene uSaood Variawa no Francois Cazalet, izinto okungathi azibahambeli kahle kule sizini kepha imiphumela yangempelasonto ibuyise ithemba ngokubuya komgqigqo wabo.